Inombolo- 8 we-2001: UMthetho weNqalasizinda yezokuThutha, we-2001.
Ukuhlanganisa imithetho ephathelene nemigwaqo kanye nezinye izinqalasizinda zezokuthutha eGauteng; nokuhlinzekela ukuhlelwa, ukudizayinwa, ukuthuthukiswa, ukwakhiwa, ukukhokhelwa, ukumenejwa, ukulawulwa, ukunakekela, ukuvikelwa kanye nokuvuselelwa kwemigwaqo yesiFundazwe, olayini bajantshi nezinye izinqalasizinda zezokuthutha eGauteng: kanye nokuhlinzekela nokunye okuxhumene naloku.
Ububanzi obejwayelekile bemigwaqo yesifundazwe, olayini bajantshi nemigwaqo emincane.
Ukumenyezelwa kokumiswa kokusebenza kwemigwaqo yesifunda, olayini bajantshi nemigwaqo emincane.
Izakhiwo neminye imisebenzi phezu, noma ngaphansi kwemigwaqo yesifunda noma olayini bajantshi noma eminye imihlaba.
a nomuntu olawula ukuthathwa komhlaba, uma umnikazi esashona;.
xli "imoto" isho imoto njengoba ichazwe kuMthetho kaZwelonke wezoKuthutha, we-1996 (uMthetho 93 we-1996).
okwaphakamiswa ngaphansi koMthetho wezeMigwaqo we-1957uMthetho -22 we-1957 kodwa ayibalwa imigwaqo ekhonjwe kwisigatshana -.
b lubuyekezwe noma yinini lapho kuba khona umgwaqo wesifundazwe omusha.
Ukusetshenziswa kwalengxenye lengxenye isebenza uma u-MEC esebenzisa amandla ngokwesigaba a ngokokubekwa komgudu kanye nedizayini yemigwaqo yesifunda noma olayini bajantshi.
a Ukubekwa komgudu; kanye b nokudizayina okuyisendlalelo.
Ukubekwa komgudu kumele kuhambelane nanoma iyiphi inqalasizinda noma olunye uhlelo lwesifunda lokuthuthukisa olwamiswa ngokomthetho wohlelo lokuthuthukisa lwesiFundazwe, uma kungenjalo, kumele kutholakale imvume yelungu loMkhandlu ophakeme okuyilona elihlele ukuthuthukisa ngaphambi kokuthi kubekwe umgudu ngaphamsi kwalesisigaba.
ekukhishweni kombiko komgudu ngokwesigatshana-.
soMthetho wokuPhakamiswa koBuphathiswa oBuneqiniso, we-2000 (uMthetho -3 we-2000), noma ukwehluleka ukulandela loku okubekiwe, njengoba kumiswe ngu-MEC; bese b enze uphenyo ngokwenqubo emisiwe.
Ngemuva kokuthintana nomphakathi, ukhomishana kumele enze umbiko obhaliwe ngakho, ngokubonelela imithethomigomo emiswe kwisigaba- 3 soMthetho wokuGqugquzelwa kokuThuthukisa, we-1995 umthetho- 67 we-1995 nakuMthetho wokuHlela nokuThuthukisa kwisiFundazwe.
Uma kwenzeka kungabi khona ukuvumelana kwikhomishana mayelana nokusetshenziswa komhlaba okumele kubhekwane nako kumbiko, udaba kumele kubhekwane nalo ngendlela emiswe kwiBhodi laMalokishi ukuze kuthathwe isinqumo ngalolodaba.
Ngenxa yesigatshana -7, "udaba lokusetshenziswa komhlaba" kusho udaba oluphatha ushintsho ekusetshenzisweni kwanoma yimuphi umhlaba okungabangwa ukubekwa komgudu.
Imithetho yalesisigaba ayisebenzi kwimigwaqo emincane.
b Ukukwazeka ukuthi kuchibiyelwe lomgudu kanye nezindleko zako, uma kwenzeka samukelwa isicelo.
ngenhla c ezinye izindleko ezingase zidalelwe uMbuso nomphakathi othintekayo zidalwa ukwamukelwa kwesicelo, uma ziqhathaniswa nokuma kahle komfaki sicelo nomphakathi othintekayo; kanye c nendlela ukwamukelwa kwesicelo okuphakamisa ngayo ukuthuthuka okusimeme okuhlanganisa uhlelo lwezokuthutha nohlelo lokusetshenziswa komhlaba ngokubonelela izidingongqangi zobunjiniyela bezokuthutha.
Ngemuva kokuthatha isinqumo ngesicelo, umasipala noma esinye isiphathimandla kumele sazise u-MEC ngencwadi zingakapheli izinsuku ezingu-14 ngemuva kokuthathwa kwalesisinqumo kanti uma isicelo samukeliwe, bahambise izizathu eziphelele zalesisinqumo ngencwadi ku-MEC ngaphakathi kwesikhathi esibekiwe.
U-MEC unelungelo lokufaka isicelo sokuphikisa isinqumo, zingakapheli izinsuku ezingama-28 ethole isinqumo nezizathu zokwamukela isicelo, ngokuhambisa ngenqubo ebekwe kumthetho ofanele futhi esenze ushintsho oludingekayo, asifake kwisiphathimandla noma umkhandlu wokwedlulisela izikhalo ohlinzekwe kumthetho ofanele, uma kungukuthi umthetho ofanele ubeka ukuthi kufakwe izikhalo kuNdunankulu, noma iliphi ilungu leKomidi ePhakeme, oMele uHulumeni kwisiFundazwe, isikhalo kumele silalelwe bese siphelela kwiBhodi laMalokishi lesiFundazwe ngokungathi leloBhodi laMalokishi linezwi lokugcina lendawo yomthetho mayelana nesikhalo.
a kokuthi kunemvume ebhalwe ngu-MEC futhi ngokwezimiso ezibekwe ngu-MEC; noma b kungokwendlela ekhona ebhalisiwe.
noma okufanele ngabe kukhishwe ngokwesigaba -10 ; noma iii wanoma yimuphi umgwaqo noma ulayini wajantshi.
a umngcele womgwaqo noma walayini wajantshi obekiwe owodwa kuphela owela ngaphandle kwezindawo ezikhonjwe kwisigatshana - , u-MEC angakhetha ukungawuchibiyeli lowomgudu; noma b kokubili umgwaqo noma ulayini wajantshi obekiwe wedizayini eyisendlalelo kuwela ngaphandle kwezindawo ezikhonjwe kwisigatshana - , ukubekwa komgudu ngokwezigaba -6 kuya ku- kumele kwenziwe ngendlela yokuthi lomgwaqo noma ulayini wajantshi obekiwe wedizayini eyisendlalelo kuwela ngaphandle kwalezizindawo ezishiwoyo.
nentshisekelo yabanikazi ababhalisiwe nalabo abanamalungelo abhaliwe ngalezizindawo c Izintshiseko nemisebenzi yomasipala nabahlinzeka ngezinsizakalo kangangoba bengathinteka ngqo noma ngenye indlela yidizayini eyisendlalelo; kanye d Nemvelo.
a kulungiswe umdwebo wedizayini eyisendlalelo kanye nombiko obhaliwe; futhi b kwenziwe nophenyo ngezemvelo nombiko obhaliwe ngalo njengoba kukhonjwe yisiphathimandla esingungoti kwisigaba -22 se-ECA, noma isiphathimandla esikhonjwe kwizigaba ezihambisana nalezi ezifanele ze-NEMA, uma lezizigaba sezisebenza, angathatha isinqumo, kanti u-MEC kumele abese elandela inqubo ebekwe kulesisigaba.
d ngezinqubo zolawulo olwenzeka ngokwesigaba- 9 lapho kukhishwa ukwamukelwa kwedizayini eyisendlalelo ngokwesigatshana - ; kanye e nethuba, ngesikhathi nangendlela efanele, lokuhambisa izimvo mayelana nomdwebo wedizayini eyisendlalelo kanye nombiko wezemvelo.
Idizayini eyisendlalelo ekhishelwe isaziso ngokwesigatshana- 7, noma izigaba zaso, ingachibiyelwa ngu-MEC kanti uma kwenzeka lokhu izimiso zezigatshana- kuya ku- ziyosebenza, noshintsho olufanele, uma kungukuthi lapho lezizichibiyelo ziphambuka kuledizayini eyisendlalelo ekukhulunywa ngayo ngendlela yokuthi yomibili imingcele ebekiwe yomgwaqo noma yalayini wajantshi yezichibiyelo iwela ngaphandle kwemingcele ebekiwe yedizayini eyisendlalelo, ukumiswa komgudu ngokwezigaba- 6 kuya ku - kumele kwenziwe kuqala ngendlela yokuthi imingcele ebekiwe yalomgwaqo noma ulayini wajantshi kwedizayini eyisendlalelo echibiyelwe iwela ngaphandle.
Ngokukhishwa kwesaziso esikhonjwe kwisigatshana- 7, noma yisiphi isaziso esikhishwe ngokwesigaba -69 mayelana nomgudu obowamukelelwe idizayini eyisendlalelo ngu-MEC, siyothathwa ngokuthi sichithiwe mayelana nomgudu owawamukelelwe leyodizayini eyisendlalelo ngu-MEC ngokwesigatshana- 6.
ezibhekelelwe yisiphathimandla esigunyazwe ukuthi samukele ushintsho ekusetshenzisweni komhlaba, ngokwenqubo yokuhlela efanele, ekufanele sibhekisise lezozimvo, kanti izigaba -7 , no - ziyasebenza lapha, ngoshintsho olufanele.
U-MEC kumele agcine uhla lwayoyonke imigudu ekhona eyamukeliwe okumele ikwazi ukutholakala ukuze ihlolwe yinoma ngubani onentshiseko nothintekayo, kanye namapulani atshengisa lemigudu, ngezikhathi nasezindaweni ezibekiwe.
U-MEC kumele agcine uhla lwawowonke amadizayini akhonjwe kwisigatshana- 3, okumele lukwazi ukuhlolwa yinoma ngubani onentshiseko nothintekayo, kanye namapulani awo, ngezikhathi nasezindaweni ezibekiwe.
c angashintsha isimo somgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi; futhi d angavala noma achezule umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi.
U-MEC, ngesaziso kuMqulu wesiFundazwe, anganciphisa noma andise ububanzi bomgwaqo wesifundazwe noma balayini wajantshi.
Umphakathi ungaqhubeka nokusebenzisa umgwaqo wesifundazwe osewuyekile ukuba ngumgwaqo wesifundazwe ngokwesigatshana- 1d kuze kube ngabe u- MEC uwuvala ngendlela ebonakalayo.
U-MEC angakwazi ukuqhubeka nokwenza adinga ukukwenza noma engatholanga izimvo noma izincomo ezivela komasipala lapho behluleka ukuziletha ezinsukwini ezingama-60 beceliwe ukuthi bazilethe ngencwadi.
U-MEC angabeka noma yimuphi umgwaqo wesifundazwe noma ingxenye yawo ukuthi ube ngumgwaqo omkhulu, ngesaziso esimemezela lokhu noma ngesaziso sakamuva kuMqulu wesiFundazwe.
Noma yimuphi umgwaqo wesifundazwe osewumiswe njengomgwaqo omkhulu ngophawu lomgwaqo olufanele ngokoMthetho weziThuthi zoMgwaqo, we-1996 umthetho- 93 we-1996 ngaphambi kokuqalisa kwalesisigaba, uyothathwa njengobekwe ngu-MEC ngokwesigatshana -6.
Lapho umgwaqo ubekwa phezu komhlaba ngokwesigatshana-1, amalungelo amamethali ayigugu, amatshe ayigugu, amaminerali kanye nowoyela bemvelo ayoqhubeka abe ngawalo womuntu okuhlanganisa noMbuso obekukade kungawakhe ngaphambi kosuku lokubekwa komgwaqo.
U-MEC, ngokwazisa kuMqulu wesiFundazwe, angayandisa noma ayinciphise indawo yamabhilidi, ngendlela ejwayelekile noma ngokomhlaba othile noma ingxenye yawo.
Noma ngubani angasifaka isicelo ku-MEC, ngendlela ebekiwe nangokukhokha imali ebekiwe, sokuthi kunciphiswe indawo yamabhilidi, esingamukelwa noma sichithwe ngu-MEC ngokucabangela uhlobo lomgwaqo noma ulayini wajantshi othintekayo, ukuthuthukisa noma ukuthuthukisa okuhlongozwayo eduze komgwaqo noma ulayini wajantshi nokunye ke nje u-MEC angakubona kufanele.
Uma kungukuthi ngenxa yokwakhiwa, ukunakekela noma ukuchezula umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi, u-MEC ubona kunesidingo sokuhlinzeka umgwaqo omusha noma omunye nje umgwaqo ophumela kumgwaqo wesifundazwe noma eminye imigwaqo, u-MEC, ngokuhambelana nesigaba -15, angafaka isaziso kuMqulu wesiFundazwe, sokuthi umgwaqo omncane ongububanzi obufanele ngokubona kuka-MEC futhi okubaluliwe kwisaziso, uyobakhona kumhlaba okukhulunywa ngawo, noma avale noma achezule noma anciphise noma andise ububanzi balowomgwaqo.
U-MEC angesula noma achibiyele isaziso esikhonjwe kwisigatshana 1.
Izimiso zaloMthetho eziphathelene nemigwaqo yesifundazwe ziyosebenza ngendlela efanayo kwimigwaqo emincane, ngaphandle kokuthi kuboniswe ngokwehlukile noma kucacile ukuthi angeke kufaneleke.
Ukufakwa kwesigxivizo sokwazisa kumatayiteli ngesikhathi esibekiwe ngemuva kosuku okumemezelwe ngalo umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi ngaphansi kwesigaba -12, noma okwamemezelwa ngalo umgwaqo wesifundazwe ngapansi kwesigaba -13, u-MEC kumele acele uMbhalisi wamaTayiteli okuyindawo yakhe yomthetho, ukuthi afake isigxivizo salesosimemezelo kwitayiteli lomhlaba othintwa yilesisimemezelo. UMbhalisi wamaTayiteli kumele afake lesi sigxivizo nganoma iyiphi indlela ayibona ifanele.
Isigxiviso ngaphansi kwesigatshana- 1 siyoba isaziso esikhonjwe kwisigaba 316a noma 325, njengoba kungenzeka, somthetho wokuBhaliswa kwaMatayiteli, we-1937 UMthetho -47 we-1937.
c athathe izinyathelo ezingabe zibekiwe, futhi d athobele uMthetho wezokuPhakanyiswa koBuphathiswa beQiniso, we-2000 uMthetho -3 we-2000.
U-MEC kumele abhekelele noma yimiphi imibono ayitholile ngaphambi kokuthi athathe isinqumo sokuqhubeka nesenzo.
f ukuchezula amanzi emvula aye kwindawo ethile ngaphansi kwesigaba- 411; noma g ukukhipha incwadi yesilayelo sokuthi kuchezulwe indlela yokungena noma yokuphuma ngaphansi kwesigaba- 437.
a u-MEC angathatha isinqumo, ngemuva kokuthintana nomasipala ofanele, sokuthi umgwaqo, ulayini wajantshi noma ingxenye engasaphumeli kumgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi sekuzowela ngaphansi kwendawo yomthetho yamasipala; noma b uma u-MEC engasithathi lesisinqumo, futhi kungekho okuvunyelwane ngakho ngaphansi kwendima c, ubunikazi bomhlaba noma belungelo osebukhokhelwe isinxephezelo kuyoba ngobesiFundazwe ngosuku lwesimemezelo, kanti uMbhalisi wezaMatayiteli okusendaweni yakhe yomthetho kumele abhalise ngemfanelo kuMbhalo wezaMatayiteli mayelana nalokhu lapho u-MEC efaka isicelo; noma c u-MEC kanye nomnikazi womhlaba okuhamba kuwona umgwaqo, ulayini wajantshi noma ingxenye yawo bangavumelana ngokuthi umnikazi uzokhokhela u- MEC imali eyinkokhelo yemakethe yomhlaba okuhamba kuwo lomgwaqo, ulayini wajantshi noma ingxenye yawo, ngaleyondlela lomhlaba uyobuyela ekulawulweni ngumnikazi ngokugcwele sengathi umgwaqo, ulayini wajantshi noma umgwaqo omncane awukaze umenyezelwe njengomgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi noma umgwaqo omncane, kanti asikho isinxephezelo esesiyokhokhwa kumnikazi womhlaba okuhamba kuwo lomgwaqo, ulayini wajantshi noma ingxenye yawo ngemuva kwaloku kuchithwa noma isimemezelo.
Lapho u-MEC echibiyela noma echitha isaziso esimemezela, esandisa ububanzi noma esichezula ngokwafuthi umgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi noma umgwaqo omncane, noma lapho u-MEC ememezela ukuthi umgwaqo okhona noma ulayini wajantshi uzovalwa unomphela, ngomphumela wokuthi umhlaba othintekayo awusadingekeli umgwaqo noma ulayini wajantshi, futhi lapho isinxephezelo salomhlaba besingakakhokhwa, u-MEC akasadingekile ukuthi akhokhe lesi sinxephezelo kanti umhlaba okuhamba kuwo lomgwaqo, ulayini wajantshi noma ingxenye yawo kuyobuyela ekulawulweni ngumnikazi ngokugcwele kube sengathi umgwaqo, ulayini wajantshi noma ingxenye yawo akukaze kungamenyezelwa njengomgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi noma umgwaqo omncane.
i angawuvala okwesikhashana kuhlobo oluthile lwezithuthi umgwaqo wesifundazwe; noma ii azivalele okwesikhashana zonke izithuthi umgwaqo wesifundazwe.
Akukhomuntu ovunyelwe ukusebenzisa umgwaqo wesifundazwe ovalwe ngaphansi kwesigatshana 1, kanti noma ngubani owusebenzisayo uyobekwa icala.
Lapho kuba khona ukulimala okukhulu kumhlaba ngenxa yokuchezulwa komgwaqo ngokwesigatshana Ia, u-MEC kumele akhokhele umnikazi womhlaba isinxephezelo ekuyovumelwana ngaso, noma uma kungavunyelwana, ngokubekwe ngokwesigaba -30, lapho izindleko ziyobalwa bese zikhokhelwa ngokwesigaba -31.
Lapho u-MEC ememezela umgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi noma umgwaqo omncane, noma enweba noma echezula ngokwafuthi lomgwaqo noma ulayini wajantshi, ngaphansi kwesigaba -11 noma -13, u-MEC kumele akhokhe isinxephezelo kumnikazi mayelana nomhlaba othikamezwe yilomgwaqo noma ulayini wajantshi noma ukunwetshwa noma ukuchezulwa kwawo, njengokwesivumelwano, noma ukwehluleka kwesivumelwano, njengoba kumiswe ngokwaloMthetho.
Inzalo ekhonjwe kwisigaba -283 iyokhokhwa kungakapheli izinsuku ezingama-60 ngemuva kokukhishwa kwesaziso esifanele, mayelana nesinxephezelo esikhokhwa ngaphansi kwesigaba -282.
Lapho umgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi noma umgwaqo omncane usungowafuthi! Uchezulwe ngaphakathi kwemingcele yomhlaba obekuhamba kuwo umgwaqo noma ulayini wajantshi ngaphambilini, kumele sikhokhelwe kuphela isinxephezelo esilingana nenani lemakethe lomhlaba othikamezwe ukuchezula okwedlula inani lemakethe langaphambilini! Othikamezwe yilomgwaqo noma ulayini wajantshi.
U-MEC ngokwazisa umnikazi, angakwazi ukuthatha umhlaba noma ilungelo lomhlaba enze ukuthi ubhaliswe ngegama lesiFundazwe, ukuze kwakhiwe noma kugcinwe kahle noma iyiphi inqalasizinda yezokuthutha, noma enye inhloso ehlobene nentshiseko yesiFundazwe mayelana nalokhu.
uma u-MEC ebona sengathi umhlaba osele, noma ingxenye yawo, awusenamsebenzi kumnikazi, noma awusakulungele ukulima, noma ukwenza iqiniso kumnikazi noma ngokubonelela isiFundazwe, u-MEC angawuthatha lowomhlaba osele noma ingxenye yawo ngokwazisa umnikazi.
Umnikazi akayukufanela ukuthi athole isinxephezelo uma isinxephezelo sesikhokhiwe mayelana nomhlaba owabiwe uma umgwaqo ofanele noma ulayini wajantshi sowamenyezelwa noma wamiswa, uma kunjalo, noma isinxephezelo sesakhokhwa, noma sakhokhelwa umhlaba uqobo noma ukulahlekelwa noma ukonakala, ukwehla ngokwenani lomhlaba ngesikhathi sesimemezelo, ukumiswa noma ukuthathwa komgwaqo noma ulayini wajantshi ofanele.
Ukungena noma ukuthatha ubunikazi bomhlaba ngokuhambelana nezigatshana- 2, 4, 5 no 6, u-MEC angangena kunoma yimuphi umhlaba nabasebenzi abafanele, imishini, izimoto, izinto zokusebenza, amathuluzi, noma okokwenza uphenyo, ukubheka noma okunye ukwenza ngaphansi komhlaba noma mayelana nalowomhlaba, u-MEC akubona kufanele mayelana nokwakha noma ukunakekela noma iyiphi inqalasizinda yezokuthutha noma athathe okwesikhashana ubunikazi bomhlaba ngenhloso ephathelene nokwakha noma ukunakekela lenqalasizinda yezokuthutha.
Lapho umnikazi noma ohlala kumhlaba engakavumeli u-MEC ukuthi enze ngokwesigatshana 1, u-MEC kumele anike umnikazi noma ohlala kumhlaba incwadi eyisaziso ngenhloso ya-MEC ukuze akwazi ukwenza njalo zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kokungena kumhlaba, echaza inhloso yokugunyaza ukungena kumhlaba, lokho okungase kwenziwe kulowomhlaba mayelana naleyonhloso kanye nabantu okuyibona, indlela okuyiyona noma indlela okuzokwenziwa ngayo.
Uma umnikazi noma ohlala kumhlaba eyihlaba inhloso yezenzo ezihlongoziwe, kumele akubhale phansi ukuhlaba kwakhe kungakapheli amahora angama- 48 ngaphambi kokungena kumhlaba okuhlongoziwe, okumele u-MEC akubhekelele lokho kuhlaba. Uma u-MEC ebona ukuthi lokho kuhlaba akunasesekelo noma kuyintshisekelo yomphakathi ukuthi kuqhutshekwe nokwenza lokho okuhlongoziwe nakuba kunalokho kuhlaba, u-MEC kumele azise umnikazi noma ohlala kumhlaba ngaphambi kokungena kulowomhlaba.
Izimiso zesigatshana -1 azifanele ukusetshenziselwa ukungena endlini yokuhlala noma elinye ibhilidi elikumhlaba elisetshenziselwa ukuhlala abantu ngaphandle kokuthi lowo ohlala kulendlu noma elinye ibhilidi evuma ukuthi u-MEC angene ukuze enze lokho okubalulwe kwisigatshana- 1.
b agcine imishini, izinto zokusebenza noma okunye u-MEC abona kudingeka ekwakheni noma ekunakekeleni inqalasizinda yezokuthutha, u-MEC akhokhele umnikazi intela okuvunyelwene ngayo, noma, yokungavumelani njengoba kubekwe ngokwesigaba -30, lapho izindleko ziyobalwa futhi zimiswe ngokuhambelana nesigaba- 31.
Ngenhloso yokusebenzisa amalungelo angaphansi kwalesisigaba, u-MEC, ngemuva kokwazisa umnikazi, angenza imigwaqwana noma izimbotshana othangweni, ondongeni nakufenisi, uma kungukuthi lezizimbotshana zizokwazi ukuvalisiseka kungangeni abafohlayo noma izilwane ezizihambelayo ngesikhathi kusetshenzwa futhi uthango lubuyiselwe kahle lapho sekuqediwe ukusebenza, nokuthi noma yikuphi ukuguduleka okwenzeke ngesikhathi kusetshenzwa futhi okungase kube yingozi kumele kubiyelwe ngokuphepha, kugqitshwe noma kuqinisekiswe ukuthi kuphephile ekupheleni komsebenzi.
U-MEC kumele akhande noma akhokhe izindleko zomonakalo odaleke ngesikhathi kwenziwa umsebenzi obewenziwa ngokwesigatshana -1 noma- 6, ngaphandle uma umonakalo ungadalwanga ukwenza ngamabomu noma ngokunganaki noma ukweqa okuthile koMnyango noma abaqashwa bawo noma izithunywa zawo.
U-MEC, ngokuhambelana nesigatshana- 2, angathatha noma asuse noma enze ukuthi kuthathwe noma kususwe kumhlaba izinto zokusebenza ezidingekela ukwakha noma ukunakekela inqalasizinda yezokuthutha, futhi angathatha okwesikhashana ubunikazi balowomhlaba ngenhloso yokuthola izinto zokusebenza.
a U-MEC angakhetha indawo lapho lezizimpahla ezikhonjwe kwisigatshana -1 zingathathwa khona, kanti kumele azise umnikazi ngalendawo; futhi b umnikazi, ezinsukwini ezingama-14 ngemuva kokuthola isaziso, angakhomba enye indawo ngaphakathi kwemingcele efanayo kulowomhlaba okukhulunywa ngawo kanti uma u-MEC ebona sengathi lena enye indawo ifanelekile futhi iyafinyeleleka futhi ingakhipha izinto zokusebenza ezidingekayo, izinto zokusebenza kuyomele zithathwe kuleyondawo ekhonjwe ngumnikazi.
u-MEC kumele akhokhele umnikazi lesosinxephezelo sanoma yikuphi ukulahlekelwa noma sokonakala komhlaba, njengoba kungavunyelwana noma uma kungavunyelwana njengoba kumiswe kwisigaba- 30, lapho kuyobalwa izindleko bese kukhokhwa ngokuhambelana nesigaba -31.
Isigaba -206 siyosebenza ekuthathweni kwezinto zokusebenza ngaphansi kwalesisigaba.
Uma u-MEC ebona kufanele ukuze kumiswe, kwakhiwe noma kunakekelwe noma iyiphi inqalasizinda yezokuthutha, noma ukuphepha kwezithuthi emgwaqweni wesifundazwe noma ulayini wajantshi, noma ukuphepha kwabahlali bebhilidi, ngemuva kokuthola imvume yomnikazi ofanele, angakwazi ukudiliza noma asuse ibhilidi noma esinye isakhiwo, noma ingxenye yaso, noma ngabe liphakathi kwendawo ebekelwe umgwaqo noma ulayini wajantshi, kanti ngenxa yalokhu angacela umuntu ukuthi aphume kulo esikhathini esiyobekwa ngu-MEC, ngokuhambelana nesigatshana 2.
Uma kwenzeka ukuthi umnikazi noma umuntu ohlala kwibhilidi noma kwisakhiwo esikhonjwe kwisigatshana -1 akazimisele ngokuvumelana nesenzo esifanele, u-MEC angakwazi ukuya enkantolo efanele ukuze athole imvume emgunyaza ukuthi enze lokho okufanele akwenze.
lapho u-MEC enza ngokwesigatshana- 1, kumele akhokhele umnikazi isinxephezelo njengoba kuvunyelwene noma uma kungavunyelwana njengoba kubekwe kwisigaba 30, lapho izindleko ziyibalwa bese zikhokhwa ngokuhambelana nesigaba 31.
lapho kunomuntu ohlala ngokomthetho endaweni esekumenyezelwe ukuthi kuzohamba kuyo umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi noma eseyabiwe ngu-MEC noma ekungeyesiFundazwe u-MEC ayidingela ukwakha umgwaqo, kuyomela aphume kulelobhilidi zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela ngosuku okubhalwe ngalo isaziso ngu-MEC emcela ukuthi aphume.
Umuntu ohlulekayo ukuphuma kwibhilidi njenboba kufunwa yisigatshana- 1, noma ohlala kulelibhilidi ngokungemthetho, wenza icala.
a ememezela umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi noma ukwandiswa kobubanzi bawo ngaphansi kwesigaba -11; noma b ememezela umgwaqo omncane ngaphansi kwesigaba- 13; U-MEC kumele kuthi ezinsukwini ezingama-60 kumenyezelwe azise umnikazi noma abanikazi bomhlaba othintekayo yilesosimemezelo ngesaziso esihanjiswa ngesandla noma ngeposi lerejista kumnikazi noma kubanikazi.
Lapho u-MEC aba umhlaba noma ilungelo lomhlaba ngaphansi kwesigaba -19, u-MEC kumele akhiphe isaziso sokwabiwa asihambise kumnikazi ngesandla noma ngeposi lerejista.
Lapho kukhulunywa ngengxenye yomhlaba, umnikazi angacela u-MEC ngencwadi zingakapheli izinsuku ezingama-30 kuphume isaziso ukuthi akhiphe eminye imininingwane, okumele ikhishwe zingakapheli izinsuku ezingama-60 ethole isicelo, ngaleyondlela usuku lwesaziso esinemininingwane yilona oluyothathwa njengosuku lwesaziso sokuthathwa kwempahla.
Uma umnikazi engaziwa ukuthi ukuphi noma u-MEC aneliseka ukuthi angeke kukwazeke ukuthi kuhanjiswe isaziso kumnikazi, noma uma umhlaba kumele wedluliswe njengefa kanti u-MEC engazi ukuthi ngobani abadlimafa, u-MEC kumele enze ukuthi isaziso sikhishwe kuMqulu wesiFundazwe kanye ngesonto kwiphephandaba lendawo lapho kukhona khona lendawo kuze kuphele amasonto amabili elandelana.
u-MEC akufanele akhiphe isaziso esikhonjwe kwisigatshana -1 ngaphandle kokuthi umhlaba othathwe ngumgwaqo, ulayini wajantshi, ukuchezuka noma ukwandiswa kubonakala kwipulani etholakalayo ukuthi ihlolwe yilabo abanentshiseko noma uma umhlaba uboniswe ngokukhanya noma ngenye indlela efanele, kanti futhi isaziso sinesitatimende esikhomba ukuthi lepulani iyatholakala nokuthi itholakala kuphi noma ukuthi lokokukhanya noma ezinye izindlela sezitshaliwe.
Isaziso esimemezela ukuncishiswa kobubanzi bomgwaqo noma ulayini obekiwe noma ukuthi umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi awusezukuba khona kulowomhlaba, siyohanjiswa ngesandla noma ngeposi lerejista kumnikazi womhlaba, kanti izigatshana -3, 4, 5 no- 6 ziyosebenza kulezizimo ngoshintsho olufanele.
Ubunikazi bomhlaba othathwe ngaphansi kwesigaba -19 buyonikwa isiFundazwe ngosuku lokuthathwa komhlaba, ukhululwe kuzona zonke izikweletu kodwa ngokuhambelana nawo wonke amanye amalungelo okubhalisa, ngaphandle kokuthi, noma kuze kube ngabe lamalungelo ayathathwa.
Lapho u-MEC ethathe ilungelo lokusebenzisa umhlaba, isiFundazwe singasebenzisa lelolungelo kusukela ngosuku lokuthathwa komhlaba.
b uyohlala kungumsebenzi wakhe ukukhokha intela kanye nokunye okukhokhwayo mayelana nawo; futhi c kumele anakekele futhi agcine umhlaba usesimeni owawukusona ngesikhathi uthathwa; kodwa u-MEC kumele anxephezele umnikazi ngezindleko ezinomqondo ezivezwe yilokhu kuwunakekela nokuwugcina esimeni kanti uma umnikazi ewuyekelela ngamabomu noma ngokunganaki bese wehlelwa amandla entengiso, u-MEC angakwazi ukufuna lokho okwehlile kumandla entengiso kumnikazi.
Uma umnikazi womhlaba no-MEC behluleka ukuvumelana ngosuku lokuthatha ubunikazi bomhlaba, umnikazi womhlaba anganika u-MEC incwadi emazisa ngosuku afisa ukuthi isiFundazwe sithathe ubunikazi bomhlaba zingakapheli izinsuku ezingama-21, kanti kuyothathwa ngokuthi isiFundazwe sithathe ubunikazi ngalolosuku.
U-MEC anganikela ngemali yesinxephezelo kumnikazi womhlaba ngesaziso esikhonjwe kwisigaba- 231 kanti uma singekho isinxephezelo esinikelwayo, kumele asenze zingakapheli izinsuku ezingama-60 kusukela ngalelolanga.
Lapho umnikazi eseshilo ukuthi ufuna isinxephezelo esingakanani ngaphansi kwesigaba 261 futhi eseyikhiphile nemininingwane efunwa yilesisigatshana, kodwa u-MEC engayamukeli imali, u-MEC kumele anikele enye imali yesinxephezelo kumnikazi, engalingana noma engalingani naleyo eyenziwe kwisigatshana- 1, zingakapheli izinsuku ezingama-60 ethole isaziso sokufunwa ngumnikazi, futhi asho ukuthi yimalini enikelwayo ngaphansi kwesigaba ngasinye kwizigaba -281a no b.
a ngaphandle kokuthi amaqembu evumelene ngokunye, umnikazi womhlaba uyothathwa ngokuthi uwamukele umnikelo owenziwe ngu-MEC lapho ehluleka ukwenza isicelo ngaphambi kosuku olubekwe ngu-MEC ngesaziso esibhaliwe.
b Isaziso ngokwendima -a kumele sibhalwe ngomnikazi zingakapheli izinyanga ezingu-8 ngaphambi kosuku olukhonjwe kwisaziso sika-MEC kanti u-MEC kumele akhumbuze umnikazi ngesaziso ngombhalo zingakapheli izinsuku ezingama-60 ngaphambi kwalolosuku.
ngenxa yezindleeko, ukufuna noma ukunikela okwenziwe kuyohlala kusebenza kuze kube kuyamukelwa noma kususwa okunye okufuniwe noma okunikeliwe ngombhalo.
Noma yiliphi iqembu lingalicela eminye imininingwane kwelinye ephathelene nokunikelwe noma okufunwayo, okumele kulethwe zingakapheli izinsuku ezingama-60 kutholwe isicelo, okuthi lapho kwehlulekeka iqembu elifanele lingaya enkantolo ekhonjwe kwisigaba 301 ukuyothola isilayelo sokuthi leli elinye iqembu lithobele okufuniwe.
c ikheli umnikazi afisa ukuthi kuthunyelwe kulo wonke amabhukwana aphathelene nokuthathwa komhlaba.
U-MEC angasandisa lesikhathi sezinsuku ezingama-60, kanye kuphela, kanti kumele aphinde enze kanjalo ngokwenezelela ezinye izinsuku ezingama-60 uma umnikazi ecele kanjalo ngencwadi.
a angacela ukuthi umnikazi alethe itayiteli elifanele ku-MEC zingakapheli izinsuku ezingama-60 noma imininingwane ebhaliwe yomuntu okunguyena ophethe noma olawula itayiteli.
b angacela umuntu ophethe noma olawula itayiteli ukuthi alilethe ku-MEC ezinsukwini ezingama-60.
Umuntu oletha imininingwane engamanga noma eholela ophathe ngamabomu ngaphansi kwalesisigaba noma ohluleka ukuthobela isicelo ngaphansi kwalesisigaba wenza icala.
Ukukhokhwa kwemali enikelwe njengesinxephezelo lapho u-MEC enze umnikelo wokukhokha isinxephezelo kumele asikhokhe, kungakadluli usuku lokuthi isiFundazwe sithathe umhlaba, futhi kungabi ngaphansi kwamaphesenti angama-80 enani elinikelwe kumnikazi noma umuntu ofanele noma ayifake kuMphathi oMkhulu weNkantolo noma ayisebenzise ukukhokha intela noma ezinye izimali ezikhonjwe kwisigaba-34.
Inkokhelo, imali eyisibambiso noma imali engaphansi kwesigatshana -1 angeke ivimbe okumiswe ngesivumelwano noma yinkantolo ngokwemali eyahlukile yesinxephezelo, kodwa uma imali emisiwe ingaphansi kwaleyo ekhokhiwe, eyisibambiso noma esetshenzisiwe, umnikazi, uMphathi noma umasipala, njengoba kungenzeka, kumele akhokhe umahluko kwisiFundazwe kanye nenzalo njengoba kukhonjwe kwisigaba -283 kusukela ngosuku okwakhokhwa noma okwasetshenziswa ngalo imali ngokomnikazi noma umasipala, futhi, ngokoMphathi, inzalo eseyibe khona.
i ebeyingatholakala uma udayiswa emakethe ngumdayisi ofisayo futhi uthengwa ngumthengi ofisayo ngosuku othathwa ngalo, kanye ii evala isikhala esivulwe ukulahlekelwa ngokwemali okubangwe ukuthathwa komhlaba; noma b ngokwelungelo, evala isikhala esivulwe ukulahlekelwa ngokwemali okubangwe ukuthathwa kwelungelo.
Lapho kungekho imakethe evulekile yomhlaba, isinxephezelo singabekwa ngokubheka ukuthi bekungaba yimalini ukukhuphula izinga lempahla, ngokubhekelela ukwehla kwamandla entengiso yayo ngokwanoma yisiphi isizathu, njengoba kubekwe ngosuku lokuthathwa komhlaba, nanoma yingayiphi enye indlela efanele.
b isinxephezelo siyothathwa ngokuthi sesikhokhiwe ngosuku esiyokwenziwa ukuthi sitholwe ngumnikazi noma ngosuku ayoposelwa ngalo; futhi c ayikho inzalo eyokhokhwa ngemuva kosuku okukhokhwe ngalo noma okufakwe ngalo isinxephezelono kuMphathi noma esisetshenziswe ngaphansi kwesigaba -34.
lapho umnikazi womhlaba othathiwe eqhubeka nokuhlala kuwo noma ingxenye yawo, ayikho inzalo eyokhokhwa ngalesosikhathi ewusebenzisa noma ehlala kuwo ngokungangesinxephezelo esisasele esimayelana nomhlaba osetshenziswayo noma okuhleliwe kuwo.
i noma iyiphi inzuzo eyoqinisekisa ukuthi umuntu owenzelwe okuthile yisiFundazwe uyanxeshezelwa ngokulahlekelwa ngokwemali ngenxa yokuthathwa kwempahla noma ilungelo, kanye ii nanoma iyiphi inzuzo eyoqinisekisa lowomuntu ngenxa yokuthathwa kwempahla noma ukusetshenziswa kwayo ngenhloso yokuthathwa kwendawo noma ukusetshenziswa kwayo.
Umqashi umqasho wakhe, noma umqashi ongumsebenzi njengoba kuchazwe kuMthetho wezokuBunjwa kaBusha ezeMihlaba abaqashi abangabasebenzi, we1996 umthetho- 3 we-1996 amalungelo akhe, noma umhlali amalungelo akhe, sewunqanyuliwe noma asenqanyuliwe ngaphansi kwesigaba -36, ngokuhambelana nezigatshana -2 no- 3 zalesisigaba, uyoba nelungelo lesinxephezelo sengathi amalungelo akhe abengamalungelo abhalisiwe mayelana nendawo okukhulunywa ngayo nayo eyathathwa ngosuku lokuthathwa kwempahla.
U-MEC kumele athumele isaziso sokuthathwa kwempahla nesaziso esazisa ngalokukuthathwa ngesikhathi esifanayo, kumqashi ongumsebenzi noma umhlali amaziyo, ngemuva kwaloko lesisaziso siyothathwa njengesaziso sokuthathwa kwempahla mayelana namalungelo alona wokugcina.
Uma umnikazi wempahla ethathiwe ehluleka ukuthobela isigaba -261bi kanti no-MEC engazi lutho ngomqasho okhona noma umqashi oyisisebenzi noma umhlali ngaphambi kokukhokha isinxephezelo kumnikazi, u-MEC akayukuphoqeleka ukuthi akhokhe isinxephezelo kumqashi, umqashi oyisisebenzi noma umhlali ngamalungelo akhe njengoba kufunwa umthetho ofanele noma ukulimala okubangwe ukunqanyulwa kwamalungelo akhe.
Ngokuhambelana nesigatshana -6, isinxephezelo esikhokhwa ngokwaloMthetho, kungekho sivumelwano, ngokufakwa kwesicelo yinoma yiliphi iqembu elithintekayo eNkantolo ePhakeme lapho kusendaweni yayo yomthetho lempahla okukhulunywa ngayo ngosuku lokuthathwa kwayo.
b akufanele ukuthi kumiswe ngokomthetho zingakapheli izinsuku ezingama-90 ngemuva kokufakwa kwesicelo sesinxephezelo ngencwadi yilowomuntu ofanele.
UMthetho wenqubo osebenza kwinqubo yomthetho womphakathi eNkantolo ePhakeme efanele uyosebenza kulenqubo, ngokuhambelana naloMthetho kanti isiyalelo noma isinqumo senkantolo siyothathwa ngokuthi siyisiyalelo noma isinqumo senqubo yomthetho womphakathi.
i lingalayela ukuthi ingqungquthela ekhonjwe kumthetho -371a wemithetho yeNkantolo eNkulu eyaphakamiswa yiSaziso- R48 sikaJanuwari we-1965 sikaHulumeni ibanjwe kumashembazichambers akhe.
lingakhipha imihlahlandlela mayelana nokuhlolwa kanye nokunye okuphathelene namalungiselelo okulalela kanye nenqubo yokulalela; futhi b ngokubona kwayo, inkantolo ingalawula ukuthi kuqhutshekwe nenqubo.
Lesisigaba asiyukumvimba u-MEC nomnikazi ukuthi balethe kwisixazululo sokungezwani ngokuvumelana ukungezwani kwabo mayelana nemali eyisinxephezelo ekumele ikhokhwe ngokwaloMthetho ngokoMthetho wezokuXazululwa kokuNgezwani, we-1965 umthetho- 42 we-1965 noma kungenelelo ngendlela ekuyovunyelwana ngayo.
f inkantolo kumele isebenzise ukubona kwayo ekubekeni izindleko ezithwaliwe ngaphambi kosuku lokunikela; futhi g uma inkantolo yenze isilayelo mayelana nezindleko ngaphandle kokwazi ngokunikela obekungamukelwanga, bese ukungamukelwa kwako kuvezwa enkantolo zingakapheli izinsuku ezinhlanu kuphume isinqumo, kuyomela kubhekelelwe izindleko sekubhekwa naloku.
loko okunikelwe akumele kuvezwe enkantolo ngaphambi kokuthi kukhishwe isinqumo.
Lapho kufanele kukhokhwe isinxephezelo sokuthathwa komhlaba noma kwempahla ngaphansi kwaloMthetho, akumele sibe ngaphezulu kwemali ebeyingatholwa uma lowomhlaba, sekuhlangene nokuthuthukiswa kwawo, noma ilungelo wawungadayiswa ngosuku lwesaziso emakethe yawonkewonke udayiswa ngumdayisi ngokuzikhethela futhi uthengwa ngumthengi ngokuzikhethela.
c singaphansi kwemali yokugcina eyafunwa kumnikazi wendawo, kodwa singaphezulu kwemali eyagcina inikekwe ngu-MEC, kumele kube khona izindleko ezikhokhwa ngu-MEC ezingalingana nomahluko phakathi kwesinxephezelo esibekwe yinkantolo nenani ebelinikeliwe ngokubonelela umahluko phakathi kwesinxephezelo esikhishwe yinkantolo nemali ebeyifuniwe.
c Uma, ngokubona kwenkantolo, ukuziphatha kwelinye iqembu ngaphambi noma ngemuva kwenqubo kukhuthaza ukuchezuka kwisigatshana -1.
Uma kunokushayisana phakathi kwalesisigaba nesigaba -23, lesi sakamuva yisona esiyosebenza.
Izikweletu zezindleko nezentela yeqembu ekumele linxeshezelwe kumele kususwe kwimali, sekuhlangene nenzalo uma ikhona, efanele ikhokhelwe elinye iqembu ngokwesilayelo senkantolo.
Lapho kade kwenziwe isicelo sokumiswa kwesinxephezelo ngokwesigaba -30 noma kwedluliswe isikhalo ngesinqumo senkantolo njengoba kukhonjwe kulesosigaba, ezinye izimiso zaloMthetho ziyosebenza sengathi akuzange kubekhona isicelo noma isikhalo.
Uma impahla ethathwe ngaphansi kwaloMthehto beyinesikweletu esibhalisiwe sempahla enganyakazi noma inkontilaka yokudayisa noma ilungelo lomakhi ngosuku lokuthathwa ngu-MEC, ngokuhambelana nesigatshana -3 sesigaba nezigaba -34 no- 35, akumele akhokhe lutho lwesinxephezelo ngaphandle kokukhokha kumuntu nangokwesivumelwano phakathi komnikazi nokweletwayo, umthengi noma umakhi nanganjengokuba u-MEC aziswe yibona.
Lapho umnukazi ehluleka ukuthobela isigaba- 261bii noma iii kanti nomthengi noma umakhi engatholi lutho kwimali eyisinxephezelo ngokwesigatshana- 1 salesisigaba, umnikazi nguyena oyophendula kumthengi noma umakhi ngomonakalo odaleka ngenxa yokuthathwa kwempahla kani u-MEC akayukuphoqeleka ukuthi akhokhe isinxephezelo ngalowomonakalo.
Uma umnikazi nokweletwayo, umthengi nomakhi behluleka ukwenza isivumelwano njengoba kukhonjwe kwisigatshana -1, noma ngubani kubona angafaka isicelo enkantolo ekhonjwe kwisigaba -301 sokuthi kulayelwe u-MEC ukuthi akhokhe imali eyisinxephezelo njengokubona kwenkantolo kanti nenkantolo ingakhipha isilayelo, sekuhlangene nesilayelo esimayelana nezindleko, njengoba ibona kufanele.
Lowomasipala kumele azise u-MEC nganoma iyiphi intela engakakhokhwa noma enye imali ekweletwayo mayelana nalempahla zingakapheli izinsuku ezingama-30 ethole isaziso.
Uma impahla ethathwe ngaphansi kwaloMthetho beyingeyokwabelwa ifa noma isinxephezelo kumele sikhokhwe kumuntu okungaziwa ikheli lakhe noma u-MEC uyehluleka ukuthola ukuthi kumele asikhokhe kubani isinxephezelo, u-MEC angayifaka kuMphathi oMkhulu weNkantolo okunguyena onendawo yomthetho imali yesinxephezelo ngemuva kwaloko u-MEC akaseyukufanela ukuthi akhokhe leyomali efakwe kuMphathi.
a lapho kungeyokwabiwa ngokwefa iyoya ngombhalo wesifiso sikamufi noma okunye okwakha ukwabiwa kwefa, kanye b ngokuhambelana nendima a, ikhokhwe kwisikhwama soMphathi esikhonjwe kwisigaba 86 soMthetho wobuPhathiswa bezaMafa, we-1965 umthetho- 66 we-1965 ukuze kuzuze lowomuntu okufanele azuze futhi athole inzalo ngendlela eyomiswa nguNgqongqoshe weZezimali kuphiko lukazwelonke.
Uma kubakhona ukuphikisana noma ukungabaza ngokuthi ngubani ofanele ukuthola isinxephezelo ngaphansi kwaloMthetho noma uma umnikazi kanye nokweletwayo, umthengi noma umakhi bengamazisanga u-MEC ukuthi isinxephezelo simele sikhokhwe kanjani, u-MEC, ngokuhambelana nesigaba-333, kumele afake isinxephezelo kuMphathi.
Ukupheliswa kwamalungelo angabhalisiwe ngesikhathi kuthathwa impahla wonke amalungelo mayelana nomhlaba othathwayo ongabhalisiwe noma ongenzeliwe itayiteli ayophela ngosuku oyothathwa ngalo umhlaba kanti u-MEC akayukufanela ukuthi akhokhe noma yisiphi isinxephezelo salamalungelo ngaphandle kwangendlela ehlinzekelwe kuloMthetho.
a sekuphele izinsuku ezingama-90 ngemuva kokuthathwa kwempahla, ngaphandle kokuthi kunencwadi ebhalwe ngumnikazi evumela lokhu; noma b Lapho impahla kungengagudluzeki, uma ukwedluliselwa kwayo sekubhalisiwe ngegama lesiFundazwe.
U-MEC kumele anxephezele noma ngubani obe nokulahlekelwa ngexa yokuhoxiswa kokuthathwa kwempahla.
Uma isiFundazwe sesisikhokhile isinxephezelo sokuthathwa kwempahla, kumele siphinde futhi sikhokhwe, kanti siyothathwa njengesikweletu kwisiFundazwe.
Ubunikazi buyophindela kulowomnikazi ebekuthathwe kuyena impahla ngosuku olukhonjwe kwisigatshana -1, kanti noma yiziphi izikweletu zempahla, ubunikazi namanye amalungelo anqanyuliwe noma esuliwe mayelana nokuthathwa kwempahla ayovuselelwa, kanti uNobhala wamaTayiteli yena kumele kuthi lapho ethola ikhophi yesaziso sokuhoxiswa kokuthathwa kwempahla, noma ukukhishwa kwako kuMqulu, esule noma yisiphi isigxivizo esenziwe kwirejista yakhe esiphokophelisa ukuthathwa kwempahla kanye nakwitayiteli elifanele.
a umgwaqo wesifundazwe ngaphandle komgwaqo omkhulu; noma b umgwaqo omncane, uvalwe, uchezulwe noma ushintshwe angafaka isicelo ku-MEC ngencwadi nangokukhokha imali emisiwe. Lesi sigaba siyosebenzana kwimigwaqo engakakhiwa.
b ikhophi yesaziso kumele iphinde ifakwe ehhovisi lemantshi - yesifunda esifanele izinsuku ezingengaphansi kwezingama-14 kanti u-MEC angacela ukuthi umfakisicelo ukuthi afake noma abeke obala isaziso ekupheleni ngakunye kwengxenye yomgwaqo ofanele ngendlela ekhonjwe kwsigatshana -3, kuze kuphele lesosikhathi esiyobekwa ngu-MEC.
Ezinsukwini eziyisikhombisa kukhishwe isaziso, umfakisicelo kufanele amise amabhodi esaziso ekupheleni ngakunye kwengxenye yomgwaqo ofanele abonakala kalula kwizimoto ezidlulayo futhi abe seduzane kwamakhona esokudla omgwaqo kangangokuba kungenzeka, futhi abe ngendlela emisiwe futhi abe nemininingwane emisiwe.
Umfakisicelo kufanele awagcine kanjalo lamabhodi esaziso akhonjwe kwisigatshana -3 kuze kube isicelo sakhe siyamukelwa noma siyachithwa, lapho umfakisicelo eyobe eseyawasusa amabhodi esaziso zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa, uma ehluleka uyowasusa u-MEC bese efuna izindleko zakhe kumfakisicelo.
Ngemuva kokubhekelela izimvo nemibono, uma kukhona, u-MEC, ngokuhambelana nesigatshana- 6, angamukela noma enqabe isicelo, kanti uma samukeliwe, amemezele ukuthi umgwaqo uvaliwe, uchezuliwe noma ushintshiwe ngesaziso kuMqulu wesiFundazwe kanti futhi kufanele afake ipulani engumdwebo ekhombisa ukuvalwa noma ushintsho kwisaziso.
c akhe umgwaqo wesifunda ofanele njengoba kudingwa ngu- MEC; noma d akhokhe zonke noma yiziphi izindleko ezithwalwe ngu- MEC kulenqubo, kanti futhi u-MEC angafuna ukuthi lomuntu abonise isibambiso u-MEC angasibona sanele ukuze kugcwaliseke lomgomo.
Amasango noma uthango lokuvikela izimoto emgwaqweni othangweni oselukhona ngenxa yokuchezulwa kwemigwaqo noma olayini bajantshi noma ukwakhiwa kwalayini wajantshi omusha emigwaqweni ngaphandle nje komgwaqo omkhulu, kungahlinzekwa noma kwakhiwe ngu-MEC, kodwa kumele kugcinwe esimeni esihle ngumnikazi womhlaba okukuwona isango, uthango oluvikela izimoto noma uthango.
Uma ukwakhiwa komgwaqo omusha noma ulayini wajantshi omusha ngu-MEC kuveza isidingo sokuthi kususwe kuphindwe kwakhiwe kabusha uthango, isango noma uthango lokuvikela izimoto obelukhona, lokhukususwa nokwakhiwa kabusha kanye nokwenziwa kwendawo yokwedlula eyedlulisela kuloluthango oluvikela izimoto kumele kwenziwe ngezindleko zika-MEC kodwa kunakekelwe ngumnikazi womhlaba okukuwo isango, uthango oluvikela izimoto noma uthango.
Lapho lelisango noma uthango lokuvikela izimoto kususiwe noma kulimele ngenxa yezaba ezingakwazi ukulawulwa ngumnikazi wendawo, u-MEC angahlinzeka ngosizo lwemali noma olunye usizo kumnikazi wendawo ukuthi akwazi ukuwaphindisela noma awakhande, noma akwenze lokhukukhanda noma ukubuyisela ngezindleko zakhe.
Umnikazi wendawo ohlulekayo ukunakekela isango noma uthango lokuvikela izimoto njengoba kufunwa yizigatshana -1 no- 2 ngokugculiseka kuka-MEC wenza icala, kanti uma kunjalo, u-MEC angazinakekelela bese efuna izindleko zako kumnikazi wendawo.
a emgwaqweni noma kulayini wajantshi; noma b maduze nendawo ebekelwe umgwaqo noma ulayini wajantshi, obekwakhiwe ngokuphambana naloMthetho noma uMthetho wezoThango, we-1963 uMthetho -31 we-1963, noma nanomayimuphi omunye umthetho, bese akha lolothango onqenqemeni lomgwaqo noma lwalayini wajantshi noma ukuze athobele umthetho ofanaele, njengoba kungenzeka kanye nezindleko zaloku kususa nokuphinde kwakhiwe uthango, isango, uthango lokuvikela izimoto noma okunye ukubiyela noma ukuvimba, kodwa u-MEC akayukuphendula ngomonakalo onomqondo obangeke ngesikhathi sokususa nokwakha kabusha.
c umuntu ophambana nendima a noma owenza ngokuphambene nemvume ekhonjwe kwindima b wenza icala.
a Uma umuntu emisa uthango, udonga, uthangwana, ukukhanya noma izinto zokukhanyisa ngokuphambene naloMthetho, u-MEC, ngemuva kokwazisa lomuntu, angakususa futhi, lapho kufanele, aphinde alumise uthango noma udonga endaweni efanele, kodwa u-MEC akayukuphendula ngomonakalo onomqondo obangwe yilokukususa nokumisa kabusha; futhi b u-MEC angazifuna kulowomuntu izindleko zalokukususa nokumisa kabusha.
Noma ngubani owonakalisa uthango noma isango kumgwaqo wesifunda noma ulayini wajantshi, enza ngamabomu noma ngokunye, kumele abike umonakalo kuMnyango ngendlela emisiwe futhi nganeno kwesikhathi esimisiwe, kanti ukwehluleka ukwenza njalo kuyicala.
b lapho kungenzeka ukuthi imfuyo yenabele emgwaqweni noma kulayini wajantshi, noma kunenye ingozi kwimpilo noma impahla, kumele akhande uthango noma isango ngokuphuthuma ngesikhathi kusalindwe ukukhanda okufanele, noma ngabe kungumsebenzi wakhe noma cha ukukhanda lowomonakalo, kanti ukwehluleka ukwenza njalo kuyicala.
kulesisigaba "ukumisa" kuyohlanganisa nokumisa kabusha noma ukufaka impahla entsha yodwa.
Ukwakha, ukugcina esimeni esihle noma ukuchezula umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi kuphazamisa uhlelo olukhona lokudonswa kwamanzi, u-MEC kumele ahlinzeke futhi agcine izindlela zokuholwa kwalamanzi phakathi, ngaphansi noma ngaphesheya komgwaqo noma kwalayini wajantshi ngendlela u-MEC ayibona ifanele, ngezindleko zesiFundazwe, ngendlela yokuthi amalungelo abantu abanentshiseko kulawomanzi bangaphazamiseki kakhulu.
U-MEC kumele athintane nalabobantu abanentshiseko noma abathintekayo mayelana nezenzo ezihlongozwe ukuthi zenziwe ngaphansi kwesigatshana -1, kanti angavuma ukuhinzeka izindlela ezingcono noma ezahlukile zokuhola amanzi lapho becela, lapho kufanele ngezindleko zabo.
d ongakhuphula ukuphakama kwamanzi omfula, ixhaphozi noma olunye uhlobo lwamanzi noma achezule indlela yemvelo yamanzi emvula ukuze aphazamise ukusetshenziswa komgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi, ibhuloho, noma enye inqalasizinda yezokuthutha ngaphandle kokuthola imvume ka-MEC.
Umuntu owenza loko okukhonjwe kwisigatshana -3 wenza icala.
Uma leyondawo yomuntu ozimele kungumhlaba onamabhilidi, ingadi yezithelo, izingadi noma okunye ukuthuthuka noma umhlaba olinyiwe, isenzo esikhonjwe kwisigatshana 1, singenziwa kuphela ngokuvumelana nomnikazi wendawo, ngaphandle kokuthi amanzi emvula ayechithelwa kuleyondawo ngaphambi kokuthi kumenyezelwe umgwaqo noma ulayini wajantshi, nalapho kungavunyelwana, u-MEC angathatha ingxenye yomhlaba edingelwa lenhloso ngokwesigaba- 19, noma kuthi ngokwazisa kuMqulu wesiFundazwe athathe ilungelo kumhlaba ukuze achezulele amanzi emanzini emvelo noma indawo engafaneleka.
Uma lendawo ezimele ingaphezu kwamabhilidi, izingadi zezithelo, izingadi noma okunye ukuthuthuka futhi kusendaweni enganeno kwamamitha angama- 100 omgwaqo noma ulayini wajantshi, ngaphandle kokuthi amanzi ayekhishelwa kuleyondawo ngaphambi kokuthi kwakhiwe umgwaqo noma ulayini wajantshi.
a uMbhalisi waMatayiteli kumele alibhalise kwitayiteli lomhlaba; futhi b u-MEC kumele akhokhe isinxephezelo kumnikazi womhlaba njengoba kuvunyelwene, noma ngokungavumelani, njengoba kumiswe kwisigaba- 30, ngaleyondlela izindleko ziyobalwa zikhokhwe ngaphansi kwesigaba -31.
U-MEC akayukuphendula ngomonakalo odalwe ngukuchezula ngaphansi kwesigatshana -1.
Uma umnikazi womhlaba azisa u-MEC ukuthi umhlaba uzolinywa noma uzothuthukiswa ngemuva kosuku u-MEC aqale ngalo ukuchezulela amanzi emvula kuwo u-MEC angaqhubeka nalokukukhipha amanzi ngendlela angayibona inomqondo ukuze anciphise umonakalo ongadalwa amanzi emvula ngokuvumelana nomnikazi futhi ngezindleko zakhe, kanti umnikazi akayukufuna lutho ku-MEC mayelana nalokhu.
Uma umhlaba ozomele okuchezulelwa kuwo amanzi emvula wehlukaniswe ngezitende, iziza noma iziqingi zokulima ezingamahekhithari angaphansi kuka- 24 ububanzi, u-MEC kumele athintane nomnikazi welokishi ofanele bese evumela umnikazi ukuthi alethe ipulani yohlelo lwedreyini uma umnikazi efisa futhi ahlelele ukuchithwa kwamanzi emvula ngokuvumelana naleyopulani kangangokuba u-MEC engabona kunomqondo ukwenzanjalo.
Akukho muntu ongaxhuma noma yimuphi umgwaqo, indlela yebhayisikili noma indlela yabahamba ngezinyawo nomgwaqo wesifundazwe ngaphandle kwencwadi yemvume ka-MEC nangokukhokha imali ebekiwe.
Isicelo semvume ngaphansi kwesigatshana- 1 kumele senziwe ngendlela ebekiwe, kanti ekusamukeleni u-MEC angamisa indlela nezinga lokuxhuma kanye nendawo lapho kungakhiwa khona, kanti futhi angabeka nemigomo mayelana nokuxhunywa noma ukusetshenziswa kwako.
U-MEC angayihoxisa imvume ekhishwe ngaphansi kwesigatshana- 1 uma lowo okhishelwe yona engayithobeli lemigomo.
Noma ngubani owephula isigatshana- 1 wenza icala, kanti uma kunjalo, u-MEC angakuvala lokokuxhuma bese efuna izindleko zako kulowomuntu.
Ngokuhambelana nezigatshana -2 no- 3, lapho ukungena nokuphuma kumgwaqo wesifundazwe kuvinjwe uthango, udonga, isigodi, ixhaphozi noma enye imvimba esonqenqemeni noma eduze nawo emiswe ngokomthetho, akukhomuntu ongangena noma aphume nganoma iyiphi indawo, ngokuchusha ngaphansi noma ngokweqa ngaphezu kothango, udonga, isigodi noma enye imvimba ngokusebenzisa isango, ibhuloho noma enye indlela yokungena nokuphuma, ngaphandle kokugunyazwa ngu-MEC ngencwadi ukuthi kwakhiwe isango, ibhuloho noma enye indlela yokungena nokuphuma kanti lokhu kwakhiwe ngokulandela isigunyazo.
b ongangenisa imoto emgwaqweni wesifundazwe ngaphandle kokuba engena endaweni ehlinzekelwe ukungena; noma c ongakhipha imoto kumgwaqo wesifundazwe ngaphandle kokuthi eyikhipha endaweni ehlinzekelwe loko.
Isigatshana- 1 asiyukusebenza kwisango, ibhuloho noma enye indlela yokungena nokuphuma eyamiswa ngokomthetho futhi ebeyivele ikhona futhi isebenza ngesikhathi kuqala lesisigaba futhi kungazange ivalwe noma isuswe nomanini ngemuva kwaloko.
Ngokuhambelana nesigaba -48, u-MEC angeke enqabe nesigunyazo esikhonjwe kwisigatshana 1 sesango, ibhuloho noma enye indlela yokungena nokuphuma edingekela ukungena noma ukuphuma endaweni ekungekho enye indlela enomqondo noma engenziwa ngezindleko ezinomqondo yokuphuma noma yokungena, kodwa angalayela ukuthi indawo yokungena noma yokuphuma yenziwe lapho ekhombe khona u-MEC.
Ekukhipheni isigunyazo esiphathwe kwisigatshana -1, u-MEC angamisa indlela, nendawo afuna ukuthi kwakhiwe ngayo isango, ibhuloho noma enye indlela yokungena nokuphuma, kanti angabeka neminye imigomo mayelana naloku noma ukusethsenziswa kwako u-MEC angayibona ifanele, futhi angasihoxisa isigunyazo uma kungathotshelwa noma yiziphi izidingongqangi noma imigomo ebekwe kwisigunyazo.
Lapho indlela yokungena noma ukuphuma emgwaqweni wesifundazwe isebenzela indawo eyodlwa, umnikazi kumele agcine esimeni esihle leyongxenye yokungena noma ukuphuma ephakathi nonqenqema lomgwaqo nomngcele wendawo yomgwaqo, ngendlela eyanelisa u-MEC ngezindleko zomnikazi wendawo, kanti u-MEC nanoma yisiphi isithunywa noma umsebenzi wesiFundazwe abayikuphendula ngokulahlekelwa noma ukonakalelwa kwanoma ngubani ngenxa yanoma yikuphi ukwenza noma ukuphutha komnikazi wendawo ngaphansi kwalesi sigatshana.
U-MEC angamlayela ngencwadi umnikazi wendawo ekuhamba kuyo umgwaqo wesifundazwe ukuthi achezule indlea engena noma ephuma kulomgwaqo wesifundazwe enikeza indlela yokungena noma ukuphuma kulowomhlaba, noma anciphisa noma avale leyondlela yokungena noma ukuphuma, ngendlela yokuthi, kangangokuthi noma isikhathi esingaba njengokuba kubalulwe kwisaziso, noma ngokwafuthi.
c u-MEC angakugcizelela ukuthotshelwa kokufanele kwenziwe osekushicilelwe.
b isikweletu sika-MEC ngokwendima -a siyogcina kwisikweletu sokuvuselela isango, igaraji noma indlela yokungena ngemoto okusezingeni elifanayo nelaloko okumele kushintshwe, kwakhiwe kabusha, kumiswe kabusha noma kwenziwe kabusha, ngaphandle kokuthi kunomunye umgomo omisiwe.
Akukhomuntu ongakhangisa noma avumele ukukhangisa ukuthi kubekwe endaweni yomgwaqo wesifundazwe, ngaphandle kokuthi ibekwe emgwaqweni wesifundazwe osebenzela izinhloso zesitilada samasipala futhi ubonwa kanjalo ngu-MEC ngokukhipha isaziso kuMqulu wesiFundazwe.
d endaweni ebonakala ukunoma yimuphi umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi endaweni eyidolobha, kumhlaba oxhumene nomgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi noma kumhlaba ohlukaniswe yisitilada kumgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi.
a kubekwe ngokogunyazo oluvunyeliwe ngaphambi kosuku lokufika kwaloMthetho ngaphansi komthetho, uma nje kungukuthi ukukhangisa kubekwe ngokuhambelana nezidingongqangi, ngokwesigunyazo, ezisebenza noma ezazisebenza ngaphambi kwalolusuku; noma b kubekwe ngomthetho ngaphambi kokuthi umgwaqo noma ulayini wajantshi umenyezelwe njengomgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi wesifundazwe uma nje ziyilokhu zibekwe endaweni efanayo ngaphandle kokususwa, ngaphandle kokuthi ukususwa kwako kulayelwe ngaphansi kwesigatshana- 5 nesikhathi ekwakufanele kususwe ngaso sesidlulile; noma c kumele kumiswe ngomthetho futhi kubekwe ngokulandela ngokungangabazi lowomthetho.
i yokudizayina nokwakha ukukhangisa, nezindawo zako nokugcinwa kwako.
Nomangubani okhangisa ngokuphambene nezimiso zalesisigaba noma ovumela ukuthi kukhangiswe ngalendlela, noma umnikazi womhlaba okukhangiswe kuwo kanti ebekade elayelwe ngu-MEC ngencwadi ukuthi akususe lokokukhangisa, kumele akususe esikhathini esinqunyiwe kwisaziso, ekungamele sibe ngaphansi kwezinsuku ezingama-14 ngokuhambelana nesigatshana -7.
Uma umuntu ekubhekiswe kuye isaziso esikhonjwe kwisigatshana 5, ehluleka ukususa ukukhangisa okubalulwe kwisaziso ngesikhathi esinqunywe kuso, u-MEC angakususa futhi angene endaweni ngenhloso yokwenza njalo ngaphandle kwemvume yomnikazi noma umhlali, nakuba kunezimiso zalo Mthetho, bese efuna izindleko zalokhukususa kulowomuntu.
Nakuba kunesigatshana- 5, lapho ukukhangisa kubekwe ngokuphambana nalesisigaba kanti kungenza ingozi ngokuphuthuma, u-MEC angenza ngokungaphansi kwesigatshana- 6 ngokubonelela umphakathi ngaphandle kokwazisa muntu ukuthi asuse lokhokukhangisa.
Umuntu owephula isigatshana- 1 noma- 2 noma owehluleka ukususa ukukhangisa lapho elayelwa ukuthi enze njalo ngaphansi kwesigatshana -5, wenza icala.
c Umuntu onomhlaba noma ohlala kumhlaba okuphanyekwe kuwo ukukhangisa futhi umkhiqizi wanoma yimuphi umbhalo noma umnikazi wanoma yiliphi ibhizinisi elikhangiswe kulokhukukhangisa kanti noma yisiphi isithunywa salowomkhiqizi noma umnikazi webhizinisi bayothathwa ngokuthi yibona abaphanyeke lokhokukhangisa noma abakuvumele ukuthi kuphanyekwe.
b asikho isicelo esingafakwa mayelana nokukhangisa okukhonjwe kwisigatshana 10.
Uma kwenqatshiwe nemvume yokukhangisa ekhonjwe kwisigatshana -11, kuyomela ukuthi kususwe lokokukhangisa zingakapheli izinsuku ezingama-30 kutholwe isaziso salokukususwa kanti uma lesisaziso sithunyelwe ngeposi elirejistiwe, othunyelwe sona kuyothathwa ngokuthi usithole ezinsukwini ezingu-8 kusukela ngosuku esiposwe ngalo.
Usuku lokumenyezelwa kwesigaba- 44: luyokwaziswa.
Izimoto ezingasebenzi, udoti, njll.
b ongashiya noma alahle imoto engasebenzi, umshini noma ingxenye yawo endaweni engaphandle kwedolobha futhi engaba amamitha angama-200 ukusuka kumngcele womgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi ngendlela yokuthi kubonakale usemgwaqweni wesifundazwe noma kulayini wajantshi, ngaphandle kwencwadi yemvume ka-MEC noma ngokuphambana nemigomo ebekwe ngu-MEC.
U-MEC angayisusa imoto engasebenzi noma umshini noma ingxenye yawo engasebenzi noma udoti otholwe emgwaqweni wesifundazwe noma kulayini wajantshi, bese efuna izindleko zaloku kumuntu olahle noma oshiye loku emgwaqweni noma kulayini wajantshi.
b uma imoto, umshini, ingxenye yawo, noma udoti kungasuswanga ngesikhathi ebesibekwe kwisaziso, futhi u-MEC aneliseka ukuthi akukhomuntu onencwadi yemvume ekhishwe ngu-MEC ngokwendima ai, u-MEC angayisusa kuleyondawo noma athathe izinyathelo abona zifanele ukuthi ingabobanakali usemgqaqweni noma kulayini wajantshi, kanti angafuna izindleko zokususa lemoto kumuntu okunguyena obefanele ukuyisusa ngokwendima a.
c ongakhipha imvume yokwakha, ukumisa isakhiwo noma okunye ngaphezu, ngaphansi noma phezu komgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi kumhlaba osendaweni ebekelwe ukwakha noma ukushintsha noma ukwengeza kwisakhiwo noma okunye okumiswe kanjalo..
b kubiyelo, uthango noma udonga olungaphandle kwendawo ebekelwe umgwaqo noma ulayini wajantshi olungaphakeme ngaphezu kokuba kumisiwe ngaphezu komhlaba olumi kuwo.
indlela nezimo, indawo kanye nemigomo okumele isakhiwo, okuthile noma izengezo zimiswe, zakhiwe, zibekwe noma zenziwe kuyo noma ngayo; kanye iii nokumele kwenziwe ngumnikazi womhlaba ekukhulunywa ngaye uma isakhiwo, okuthile, ukushintsha noma isengezo simiswa, sakhiwa, sendlalwa noma senziwa.
U-MEC angakhokhisa intela ngezakhiwo noma eminye imisebenzi esendaweni ebekelwe umgwaqo wesifundazwe noma endaweni ebekelwe ulayini wajantshi wesifundazwe okukumhlaba wesiFundazwe, ayifune iyisamba noma kancane kancane.
U-MEC angakukhokhisa imali ngokuhlola noma imali yokuhlola ngezikhathi ezithile ngemali ebekiwe lapho kukhishwe imvume ngokwesigatshana -3.
Lapho umuntu ongenayo imvume efunwa yisigatshana- 1 noma ngokuphambana nalemvume, esemise, wakha, wendlala noma wamisa isakhiwo noma okuthile noma enze ushintsho kwisakhiwo noma engeze kwisakhiwo noma okuthile noma ekhiphe imvume yaloku, u-MEC angalayela lowomuntu ngencwadi yesaziso ukuthi asisuse lesosakhiwo esingagunyaziwe, ushintsho noma isengezo esikhathini esinomqondo ekumele sishiwo kwisaziso kodwa ekungamele sibe ngaphansi kwezinsuku ezingama-30 kusukela ngosuku lwesaziso.
Uma lowomuntu onikwe isaziso ngokwesigatshana -7, ehluleka ukuthobela isaziso esikhathini esibekiwe u- MEC angasisusa bese efuna izindleko zaloku kulowomuntu.
b Lapho kunomuntu okungumsebenzi wakhe ngokwomthetho ukuthi asuse noma agudlule lesosakhiwo noma okunye okumisiwe, okwakhiwe noma okubekiwe, u-MEC angafuna izindleko zokususa noma ukugudlula kulowomuntu.
Noma ngubani ophambana nesigatshana- 1 noma owehluleka ukuthobela isaziso esingaphansi kwesigatshana- b wenza icala.
a emgwaqweni wesifundazwe noma kulayini wajantshi; noma b kunoma iyiphi inqalasizinda yezikuthutha engaphansi kolawulo luka-MEC, noma c endaweni ebekelwe ukwakha.
Mayelana nezinto ezisetshenziswa amabhasi, amatekisi noma izitimela nabagibeli bazo, imvume ngaphansi kwesigatshana- 1 ingakhishwa kuphela mayelana nezindawo ezimiselwe ukuhweba.
Isigatshana- 1 asiyukusebenza kumuntu oqhubeka nebhizinisi ngemuva kokuthi umgwaqo noma ulayini wajantshi umenyezelwe njengomgwaqo wesifundzawe noma ulayini wajantshi noma umhlaba usube indawo ebekelwe ukwakha, ngaphandle kokuthi lowomuntu elayelwe ngu-MEC ngencwadi eyisaziso ukuthi angabe ayeke.
aa konke okumayelana nokwenziwa kwalomthetho noma esisola ngesizathu esibonakalayo isithunywa esinolwazi ukuthi kulungiselelwa ukusetshenziselwa noma kumayelana nokwenza loko yilowomuntu; noma bb isakhiwo, itende, imoto, amathuluzi noma okunye, okwenziwela kuko noma okwenziwa ngako lesosenzo, noma okukhona kuko lokho okuhwebelwa kuko, noma loko isithunywa esinolwazi esikusola ngesizathu esibonakalayo ukuthi kulungiselwe ukusetshenziselwa noma kuhlangene nokwenza lesenzo salomthetho yilowomuntu; noma c angasusa emgwaqweni wesifundazwe, kulayini wajantshi, kwinqalasizinda yezokuthutha noma endaweni ebekelwe ukwakha umbhalo, isakhiwo, itende, imoto, amathuluzi noma okunye okukhonjwe kwindima- bii noma esikuthole emgwaqweni wesifundazwe, kulayini wajantshi, kwinqalasizinda yezokuthutha noma endaweni ebekelwe ukwakha isithunywa esinolwazi futhi sisola ngesizathu esibonakalayo ukuthi bekusetshenziswa, noma kulungiselwe ukusetshenziswa, ngumuntu othile mayelana nokwephula isigatshana- 5 l, bese efuna izindleko zokukususa kulowomuntu ofanele.
a uma ephula isimiso sesigatshana -1; noma b uma enqaba ukunika isithunywa esinolwazi amagama akhe aphelele kanye nekheli ngokwesigatshana -4bi; noma c uma ehlulekile ukuthobela isilayelo esikhishwe ngaphansi kwesigatshana 4bii.
Nakuba kunaziphi izimiso zanoma yimuphi umthetho, Umdabuli-Jikelele angangayamukeli ipulani noma umdwebo wesiza, isitende, noma indawo okwenza ilokishi lapho sekuhlangene noma iqembu noma ngabe kuhlangene nezindawo zokudlula noma izindawo ezivulekile ezihloswe, noma eziyizindawo zomphakathi uma enye ingxenye yalesisiza, isitende, noma indawo kungaphakathi kwendawo ebekelwe ukwakha, ngaphandle kokuthi ipulani noma umdwebo uhambisana ngokunzulu nepulani noma umdwebo welokishi noma iqembu elihlongozwayo, aseyamukele ngencwadi u- MEC has approved in writing.
Isigatshana -1 siyophinda sisebenze, ngoshintsho olufanele, emdwebeni noma isiqephu somhlaba ohlangene nelokishi noma iqembu leziza, izitende noma izindawo zokwakha, uma noma iyiphi ingxenye yalesosiqephu somhlaba isendaweni ebekelwe ukwakha.
Uma umhlaba noma ingxenye yomhlaba isendaweni ebekelwe ukwakha, Umdabuli-Jikelele angangawamukeli umdwebo noma ipulani ekhona yokwehlukanisa lowomhlaba noma ingxenye yawo ngaphandle kokuthi u-MEC ebesekhiphe incwadi eyamukela loku.
Umasipala noma esinye isiphathimandla akufanele sivume ushintsho ekusetshenzisweni komhlaba kwempahla esecaleni lomgwaqo wesifundazwe endaweni eyidolobha, ngaphandle kokuthi u-MEC esekwamukele ngencwadi.
U-MEC angenqaba ukunika isamukelo ngaphansi kwesigatshana -3 noma- 4 uma kuphela aneliseka ukuthi uphiko ekukhulunywa ngalo luzophazamisa inhloso yaloMthetho.
b Ekwamukeleni loku u-MEC angamisa ukuthi uma umhlaba noma ingxenye yawo ethile ebaluliwe iqiniswe omunye umhlaba, itatiyeli lomhlaba oqinisiwe liyoya nngomgomo obekwe ngaphansi kwendima a.
c akukho mali yokwedlulisa noma imali yehhovisi eyofanela ukuthi ikhokhelwe lokhukwesula.
b kuyokhuphula ubuningi bezithuthi ezihamba kumgwaqo wesifundazwe ngaphezu kokuba ungakwazi ukuzithwala; noma c kuyophazamisa noma yimmuphi umgomo waloMthetho.
Izinqubomigomo ezingaphansi kwesigatshana- 10 zingakhomba ukuthi ukwephula loko noma ukungathobeli loko kuyoba yicala.
Lesi sigaba siyoba yisengezo kwimithetho, asiyuma endaweni yayo, ephathelene nokwahlukaniswa komhlaba noma kokwakhiwa kwelokishi.
Umuntu ohlukunyezwa yisinqumo sika-MEC ngokwalesisigaba angafaka isikhalo ngendlela emisiwe nasekukhokheni imali emisiwe kwiBhodi laMalokishi.
Akukho muntu ongaqhuba imisebenzi yokumayina ngaphezu noma ngaphansi komgwaqo wesifundazwe noma kwalayini wajantshi noma kwendawo ebekelwe ukwakha, ngaphandle kwencwadi yemvume ebhalwe ngu-MEC, ongakhipha imvume ngokuhambelana nesimo esibonakala sifanele.
Uma kuba nesidingo sokuthi kuchezulwe noma kwakhiwe kabusha umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi ngoba sewubukelwa phansi ngemuva kokwakhiwa kwawo, ngaphambi kosuku lokuqala kwalesisigaba noma ngokwephula isigatshana- 1, ukuze kuvikelwe ukuphepha noma intshiseko yomphakathi, u-MEC angalayela lowomuntu okunguyena oyimbangela yalokukubukelwa phansi ukuthi enze ukuthi umgwaqo noma ulayini wajantshi uphephe noma ahlinzekele ukwakhiwa kwawo kabusha ngendlela eyenesisa u- MEC, gezindleko zakhe lowomuntu futhi esikhathini esiyobekwa ngu-MEC, okuyothi uma ehluleka u-MEC awenze umsebenzi bese efuna izindleko zakhe kulowomuntu.
Ukwakha, ukukhokhela, ukulawula, ukubheka, ukuphathaa, ukuthuthukisa, ukunakekela, ukuvikela kanye nokuvuselela zonke izinqalasizinda zezokuthutha kwisifundazwe kuyokwethweswa u-MEC, kanti u-MEC, ngobukhona bemithombo yezimali, uyobheka yonke lemisebenzi ebaliwe.
b angasusa noma alahle isilwane esisendaweni yomgwaqwo ngokuphambana noMthetho kaZwelonke weZithuthi zoMgwaqo, we-1996 uMthetho -93 we-1996 noma omunye umthetho.
p ngokwazisa kuMqulu wesiFundazwe angavimbela noma anciphise ukuhamba kwemfuyo noma ezinye izilwane ngaphandle kwalezo ezigibele kwizithuthi kunoma yimuphi umgwaqo wesifundazwe obalulwe kulesisaziso, noma abeke ukuthi imfuyo angeke ivunyelwe ukuhamba kulowomgwaqo ngaphandle kwencwadi yemvume ebhalwe ngu-MEC kanti, lapho lemvuyo itholakala kulomgwaqo ngokuphambene nalesaziso noma ngaphandle kwemvume, angayithatha ngendlela ebekiwe; noma q asebenzise noma yimaphi amandla ahambisana ngokunomqondo namandla abalwe kwindima a kuya ku p.
UMnyango kumele uhlinzeke futhi unakekele izimpawu zomgwaqo, izinto zokulawula izithuthi kanye nomaka njengoba engabona kudingeka ukuze kuqashwe futhi kuvikelwe izithuthi emigqaqweni yesifundazwe, kanti angakwenza lokhu nasemigwaqweni emincane, futhi, ngokuhambelana noMthetho kaZwelonke wezoKuthutha ngoMgwaqo, we-1996 uMthetho -93 we-1996, angathatha isinqumo sokuthi lezizimpawu, izinto zokulawula izithuthi nomaka kungamiswa noma kubekwe kuphi.
e neNkampani yakwaTransnet eyamiswa ngaphansi kwesigaba- 2 soMthehto obalulwe kwindima d; noma f nanoma ngubani noma yiliphi ithimba, obizwa noma elibizwa ngokuthi "enye ingxenye" kulesisigaba.
a enye ingxenye izoqhubeka nanoma noma nakokonke okumele kwenziwe mayelana nomgwaqo wesifundazwe noma enye inqalasizinda yezokuthutha. Ngokomgwaqo wesifundazwe, uyoqhubeka nokuba ngumgwaqo wesifundazwe kuze kube u-MEC uwumemezela ngesaziso kuMqulu wesiFundazwe ukuthi akusenjalo ngokwenhloso yaloMthetho; noma b enye ingxenye ingenza umsebenzi ophathelene nomgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi noma enye inqalasizinda yezokuthutha, sekuhlangene nokwakha nokukunakekela noma ukwenza ukuthi umsephenzi wenziwe ngaphansi kokugadwa yiyona, iwenzela isiFundazwe, noma ukuze isiFundazwe sense lomsebenzi siwenzela enye ingxenye, noma ngokwesivumelwano; noma c umgwaqo, isitilada noma ulayini wajantshi okusendaweni yomthetho yenye ingxenye uyoba umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi ngenxa yaloMthetho, lapho, uma enye ingxenye ingumasipala, umasipala kuyoba ngowakhe umsebenzi wokuchitha amanzi emvula akulowomgwaqo noma ukuchezuka kwawo kanye nochithomali olwenzeke mayelana naloku, kanti u-MEC akayikuphendula ngomonakalo odalwe noma obe umphumela walokhukuchithwa kwamanzi emvula ngimasipalanoma ukwehluleka kwawo ukuchitha amanzi emvula; noma d umhlaba ekuhamba kuwo umgwaqo wesifundazwe noma ulayini wajantshi wedluliselwa kwenye ingxenye, lapho isifundazwe sinomhlaba waso khona; noma e isifundazwe siyokwenza noma yimiphi imisebenzi ebalwe kuloMthetho, noma umsebenzi ngenxa noma mayelana nemisebenzi enjalo, endaweni yaso yomthetho, noma kumhlaba okungowenye ingxenye, ngezindleko zesiphathimandla, mayelana noma ngokuhambelana naloMthetho.
Isivumelwano ngokwesigatshana -2 singahlinzekela ukuthi izingxenye zabelane ngezindleko zomkhankaso.
Lapho kufikwe esivumelwaleni ngaphansi kwesigatshana -2d sokuthi kwedluliselwe umgwaqo kumasipala, lowomgwaqo noma ingxenye yawo uyothathwa ngokuthi ungumgwaqo noma isitalada sikamasipala ngaphakathi kwendawo yomthetho yalomasipala, kanti asikho isinxephezelo esiyikhokhelwa umnikazi womhlaba osetshenziselwa umgwaqo noma isitilada.
v ongashintsha, agudlule, aphazamise noma alimaze noma iyiphi iphegi yophando ebekwe ngu-MEC noma yisithunywa sika-MEC, umdabuli noma yinkontilaka ekwenzeni umsebenzi wayo; noma w ongahambisa imfuyo emgwaqweni wesifundazwe, noma kulayini wajantshi ngokuphambana nesaziso esikhishwe ngaphansi kwendima p yesigaba -502 noma ngaphandle kokuvunyelwa okufunwa yileyondima.
Umuntu owephula isimiso sesigatshana- 1 nanoma yisiphi esinye isimiso saloMthetho esingamenyezelwe kwenye indawo njengecala, wenza icala.
Lapho umthetho ugunyaza ukwenza isenzo esikhonjwe kwisigatshana -1, lowomuntu ogunyaziwe kumele anike u-MEC okungenani isaziso sezinsuku ezingama-60 ngenhloso yokwenza lesisenzo, ngaphandle kokuthi u-MEC esivumela isikhathi esifushane kunalesi. Lomuntu kumele akhokhele u-MEC izindleko, njengoba kubekwe ngu-MEC, zokuchezula lowomgwaqo ofanele, ulayini wajantshi noma inqalasizinda noma ukwenza ezinye izenzo noma ukuqaphela okudingekayo ukuze kwenziwe lesosenzo nokuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzisa umgwaqo.
U-MEC angakugunyaza ukwenziwa kwesenzo esenqatshwe kwisigatshana- 1 ngencwadi, ngokuhambelana nemigomo, ngesikhathi nangokukhokha imali noma intela eyobekwa ngu-MEC, umau-MEC aneliseka ukuthi akukho monakalo emgwaqweni wesifundazwe, kulayini wajantshi noma enye inqalasizinda yezokuthutha noma ukubandlulula umphakathi okungabangwa yilesosenzo. Leyo mali noma intela ingama ndawonye noma ikhokhwe kancane kancane, kanti lemigomo ingakhomba ukuthi umfakisicelo kube nguyena okhokha izindleko ezidalekayo.
Noma ngubani owenza icala elenziwe yilo Mthetho uma etholwe enecala uyogwetshwa ukuvalelwa ejele isikhathi esingeqile ezinyangeni eziyisithupha noma inhlawulo, noma kokubili lesisigwebo nenhlawulo.
Inkantolo ingakwenza ukuthi ngemuva kokumthola enecala elenziwe yiloMthetho umuntu, lapho kufanele, limlayele ukuthi akhokhe inhlawulo ku- MEC ukunxephezela ngomonakalo odalekile noma imlayele ukuthi akhande, asuse noma alungise lowomonakalo, imvimba, noma ukuchezula noma ukungena ngokungemthetho emgwaqweni wesifundazwe, ulayini wajantshi noma enye inqalasizinda yezokuthutha.
Inkantolo emthole enecala umuntu obebekwe icala lokulayisha ngokungaphezu kwemvanelo ngemoto noma lokuchitha izimpahla eziyingozi emgwaqweni wesifundazwe ngaphansi koMthetho kaZwelonke weZithuthi zoMgwaqo, we-1996 umthetho- 93 we-1996 noma omunye umthetho, ingamlayela lowomuntu ukuthi akhokhe ku-MEC inhlawulo engu- R10 000 yokuvala izindleko zomonakalo obangwe kulomgaqo ngenxa yokulayisha ngaphezu kwemfanelo noma ukuchitha, ngaphandle kokuthi u-MEC engabonisa ukuthi umonakalo ube ngaphezulu kuka-R10 000, lapho inhlawulo iyokhushulwa ngemfanelo.
Lapho umuntu olayelwe yinkantolo ukuthi enze isenzo ngaphansi kwaloMthetho kodwa ehluleke ukukwenza loko esikhathini esinqunywe ngu-MEC noma esikhathini esinqunywe yinkantolo futhi kade azisiwe lowomuntu ngencwadi, ekungafanele kube ngaphansi kwezinsuku eziyisikhombisa, u-MEC angawenza lowomsebenzi bese efuna izindleko kulowomuntu obefanele ukuwenza, nangaphezu kwamanye amakhambi omthetho angatholakala ku-MEC.
Lapho umuntu etholwe enecala elibe nomphumela wokudala ukulahlekelwa noma umonalalo kuBuphathiswa besiFundazwe, inkantolo egweba lomuntu ingamlayela ukuthi anxephezele lobobuphathiswa ngalokho.
c ezichaza amazinga nemikhakha yamadizayini okuhlela, ukuthuthukisa, ukwakha, ukulawula, ukugcina esimeni, ukuvikela nokuvuselela inqalasizinda yezokuthutha kwisifundazwe noma yokuphepha emigwaqweni kwisiFumdazwe.
j ezibeka noma ezilawula noma yiluphi udaba oluvunywa noma olufunwa yiloMthetho; noma k ezibeka noma ezilawula noma yiluphi olunye udaba u-MEC ayolubona lunesidingo noma- 2 olubalulekile ekwenzeni ubuphathiswa baloMthetho ngempumelelo.
a ekusebenziseni ingxenye yomgwaqo wesifundazwe ngaphandle komgwaqo noma ngokusebenzisa umgwaqo omncane; noma b ngenxa yokuvalwa noma ukuchezulwa komgwaqo wesifundazwe, ulayini wajantshi noma umgwaqo omncane ngaphansi kwalo Mthetho.
lapho kunomgwaqo omusha ohlelelwayo noma odizayinwayo, u-MEC akayukufanela ukuthi akhokhele umninikazi walomhlaba noma omunye umuntu ukwehla kwamandla entengiso yomhlaba oyothintwa noma ongase uthintwe yilomgwaqo ngaphandle kokuthi noma kuze kube ngabe umgwaqo umenyezelwa ngaphansi kwesigaba- 4 noma umhlaba noma ingxenye yawo noma ilungelo kuwona kuyathathwa ngaphansi kwesigaba 19.
a ngaphandle kokuthi kumangalwe zingakapheli izinyanga ezingu-12 ngemuva kosuku ummangali abona ngalo isenzo ekuthiwa senziwa noma ukuphutha, noma ngemuva kosuku okulindeleke ngokunomqondo ukuthi ummangali kwakufanele abone ngalo lesosenzo ekuthiwa senziwa noma ukuphutha, noma yikuphi okungokokuqala; futhi b ngaphambi kokuphela kwezinsuku okungenani ezingama-90 ngemuva kosuku abhale ngalo incwadi eyisaziso ngenhloso yakhe yokumangala ummangali, enemininingwane eyanele yalokhokwenza okusolwayo noma ukuphutha, yahanjisiwa kummangalelwa, ngaphandle kokuthi ummangalelwa ephikise ngencwadi.
Inkantolo eNkulu ekusendaweni yayo yomthetho ekumele ikhiphe isinqumo somthetho, lapho ummangali efaka isicelo, ingalayela ukuthi zonke izidingongqangi zesigatshana- 3a zisetshenziswe noma zithambiswe, noma kukhuthazwe ukungathotshelwa kwazo, ngokubonelela iqiniso.
Ngokuhambelana nesisigatshana- 3, amandla noma umsebenzi onikwe u-MEC ngaphansi kwaloMthetho kungasetshenziswa ngabanenkontilaka noma izithunywa bekusebenzisa egameni lika-MEC, uma kuphela kungukuthi lapho kufanele kukhokhwe isinxephezelo ngenxa yokusebenzisa ilungelo noma amandla, siyokhokhwa ngu- MEC naye oyophinda akhokhelwe yinkontilaka noma yisithunywa.
Izigatshana -1 no- 2 angeke zisebenze kumandla noma ilungelo lokuthatha umhlaba noma amalungelo ngaphansi kwezigaba -11, 12, 13 noma -19 noma ukulawula ngaphansi kwesigaba -54.
U-MEC angamgunyaza osebenza kuMnyango ukuthi athathe izinyathelo mayelana nanoma iyiphi inqalasizinda yezokuthutha, ngendlela nangesimo esinqunyiwe, ngenjongo yokugwema noma yimaphi amacala abangwe yilo Mthetho nanoma yikuphi ukwephulwa komthetho okwenzeka kwinqalasizinda.
Lomsebenzi ogunyaziwe uyoba namandla anikwa iphoyisa loxolo, okubopha nokuvalela ngokwesahluko -5 soMthetho weNqubo yezaMacala, we-1977 uMthetho -51 we-1977, noma yimuphi umuntu owenze noma yiliphi icala elikhonjwe kwisigatshana -1 kulenqalasizinda yezokuthutha, phambi kwalomsebenzi ogunyaziwe, noma osolwa yilomsebenzi ogunyaziwe, ngesizathu esibonakalayo, ukuthi wenze lelicala.
Nakuba kunezigatshana -1 no -2, u-MEC angenza isivumelwano nomasipala ngendlela yokuthi umasipala agunyazwe futhi enze imisebenzi yogcizelelomthetho ebalulwe kwizigatshana -1 no- 2 kunoma iyiphi inqalasizinda yezokuthutha esendaweni yamasipala, ngokusebenzisa abasebenzi bakamasipala ababekelwe noma abakhethelwe lokho nguyena.
Ngaphandle kokunyefisa noma yini ephambene nalo Mthetho, yonke imigwaqo, uthango, uthango lokuvimba izimoto nezinye izakhiwo ezakhiwe ngokwemithetho engafakiwe ekusebenzeni kwalo Mthetho, ziyothathwa ngokuthi zakhiwe ngokomthetho ngaphansi kwalo Mthetho kanti ziyolawulwa abantu abayobekwa yilo mthetho.
Izimemezelo, izaziso, izinqubomigomo, izimvume, ugunyazo nokuvunyelwa okukhishwa ngaphansi komthehto ongafakiwe ekusebenzeni kwalo Mthetho kuyohlala kusebenza kuze kube kuyachithwa, kuyahoxiswa noma kuyachibiyekwa ngaphansi kwalo Mthetho, ngaphandle kokuthi kungahambisani nezimiso zalo Mthetho.
Ukuthathwa kwempahla osekwenziwe noma inqubo yokubeka isinxephezelo esihlongozwe ngaphambi kokuqalisa kwalesisigaba ngokomthetho ongafakiwe ekusebenzeni kwalo Mthehto, kumele kuphothulwe sengathi lo Mthetho awuzange ushaywe, uma kungukuthi amaqembu ayavuma ukuthi kuqhutshekwe nokuthathwa kwempahla noma inqubo ngokwezimiso zalo Mthetho.
isicelo esilethelwe ukugunyazwa, ukwamukelwa noma imvume ngokomthetho ongafakiwe ekusebenzeni kwaloMthetho kumele kuphethwe ngokwalo Mthetho, lapho kufanele.
Noma yimuphi umhlaba okwisiFundazwe ohambisana nelungelo elingapheli ngosuku lokuqalisa kwalesisigaba ngokwezigaba -54 noma-55 zoMthetho weMigwaqo, we-1957 umthetho- 22 we-1957, uyakhululwa kulelilungelo kanti noma yikuphi okukhomba lamalungelo akwitayiteli kuyothathwa ngokuthi kuphelelwe yisikhathi.
UMbhalisi waMatayiteli kumele awesule kwiRejista yamatayiteli wonke amalungelo akhonjwe kwisigatshana -5.
c uMthetho wezoKwelulwa kwaMandla eKomidi ePhakeme nezoBuphathiswa, we-1964 uMthetho -41 we-1964, wonke; kanye d noMthetho wezaMabhizinisi, we-1991 uMthetho -71 we-1991 kangangokuhlobana kwawo nezenzo ezikhonjwe yiloMthetho.
Lo Mthetho ubizwa ngokuthi uMthetho weNqalasizinda yeZokuthutha eGauteng, we2001, kanti uyoqala ukusebenza ngosuku olumiswe nguNdunankulu ngokumemezela kuMqulu wesiFundazwe.
Izinsuku ezahlukene zingabekelwa ukuqalisa kwezigaba ezahlukene zalo Mthetho.
